Izipoki Ezingaphezu Kuka-2000 kwa-PRASA

Written by on 2 February, 2022

By: Zilungile Mkhize

Isikhungo esibhekelele ezezitimela kuleli iPRASA, sithi sesivundulule inqwaba yezipoki ezisebenza ngaphansi kwaso.

I-PRASA ithi bangaphezu kuka 2000 abasebenzi ababhaliswe ngokusemthethweni futhi abahola nyanga zonke ngaphansi kwalesikhungo, osekuvele ukuthi ngabantu abangekho.

Ukuvundululwa kwalezipoki kulandela umkhankaso walesikhungo wokucubungula kabusha amakhona neziqu zabasebenzi, nokuyindlela esizama ngayo ukuthola ukuthi ngabe kuqashwe abantu abafanele yini ezikhundleni nasemisebenzini ekhona eyahlukene.

Usihlalo webhodi lakwa PRASA uLeonard Ramatlakane, uthi lomkhankaso wabo obizwa nge #OperationZiveze, uyaqhubeka nokuthela izithelo ezinhle.

Uthi bazojeza kanzima labo abebehola lemali yezipoki.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background