Izitolo Zokudlela Zicela Amahora Okusebenza Athe Xaxa

Written by on 20 January, 2021

By: Zilungile Mkhize

Izinhlangano i-Restaurants Association of South Africa kanye ne Federated Hospitality Association of SA, zithi imigomo emisha ekhishwe uhulumeni mayelana nalemboni, izowaqumba phansi amabhizinisi abo.

Lemigomo iyalela abaqashi kulemboni ukuba bakhokhele abasebenzi imali yehora engaphezu kweye minimum wage, banikwe amabhonasi angoDecember, nemali yesonto yokuwasha imifaniswano yabo.

I-Rasa kanye Fedhasa, bathi bazoluyisa enkantolo loludaba, bekhala ngokuthi ngeke bakwazi ukumelana naleziphakamiso nejngoba lemboni ivele ishayeke kunazozonke ezweni.

Oyisikhulu esiphezulu kuRASA, uWendy Alberts uthi kumanje ama restarant ancishiselwe amahora okusebenza ngenxa yesikhathi esibekiwe abantu ekumele babe sebemakhaya ngaso, iCurfew, kanti futhi abavumelekile ukudayisa utshwala nokuyinto athi yiyo engenisa imali eningi.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background