Izokugulisa Noma Ugomile I-Omicron Kodwa Hhayi Kakhulu!

Written by on 30 November, 2021

By: Sthulile Mdletshe

Isekala lika Ngqongqoshe wezempilo uSbongiseni Dhlomo lithi asikho isiqiniseko sokuthi ngeke usaguliswa uhlobo olusha lwe COVID-19 iOmicron, uma vele usugome ngokuphelele phambilini.

Uthi njengamanje ukugoma kuzosiza ekutheni noma zifika izinhlobo ezinstha zaleligciwane, ungaxineki kakhulu.

U-Dhlomo usho lokhu nje kunokhathazeka osekukhona ezweni, kanjalo nemibuzo mayelana nokubheduka kohlobo olusha lwe COVID-19, i-Omicron, nokuthi izosiza yini imigomo ekhona ukuvikela kulesifo.

Amazwe amaningi asentshonalanga asenqume ukuvalela ngaphandle abantu bakuleli namanye amazwe angomakhelwane, esabela ukubhebhetheka kwaloluhlobo nakhona.

U-Dhlomo uthi konke lokhu okwenzakalayo manje kuphazamisa umnotho futhi kubuyisela emuva nemizamo yokuthi isimo sibuyele kwesijwayelekile.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background