Izovalwa Eminye Imgaqo EThekwini Ngenxa Ye-Marathon

Written by on 9 June, 2023

By: Xolani Khumalo

Amaphoyisa kaMaspala weTheku axwayise abashayeli bezimoto ukuba bahlele kahle izindlela zabo abazozithatha kulempelasonto njengoba eminye imigwaqo izobe ivaliwe ngenxa ye-Comrades Marathon.

I-Comrades Marathon umjaho wabagijimi oyingqophamlando wamnyaka yonke obanjelwa kuleli kanti futhi ungomdala nomude ngokwebanga kunayo yonke imijaho emhlabeni wonke jikekelele.

Kanti-ke kulindeleke izinkumbi zabasubathi ababalelwa ngaphezulu kuka-25,000 abazoba yingxenye yawo okuhlanganisa nabavela emazweni aphesheya kwezilwandle ababalelwa ku-2500.

Okhulumela amaphoyisa kaMaspala weTheku uBoysie Zungu uthi emigwaqo embalwa izobe ivaliwe kusukela kusasa ebusuku.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background