Izwe lingase lixegiselwe ku level 3 ngenyanga ezayo
Written by Lethiwe Mdluli on 14 May, 2020
Umengameli, uCyril Ramaphosa, uthi kubhekeke ukuthi ingxenye enkulu yezwe yehliselwe ku level 3 we-lockdown ekupheleni kwalenyanga.
Umengameli usho kanje ngenkathi ethula inkulumo yakhe ebhekiswe esizweni izolo ebusuku.
Uqhuba ngokuthi nokho izindawo ezinesbalo esiphezulu kakhulu sabantu abane coronavirus zizohlala ku level 4.
URamaphosa uthi ukuvalwa kwezwe kusize kakhulu ekunqandeni ukubhebhetheka ngamandla kwaleligciwane.
Listen here:
Podcast stream by Fabrik.fm
Khonamanjalo uhulumeni wesifundazwe uthi ukhathazekile ngokusabalala komyalezo ongelona iqiniso oyelela amakholwa ukuba abuyele ezinkonzweni kusukela ngomhlaka 21 kulenyanga.
Lombiko ubhalwe njengemibandela okumele ilandelwe uma amakholwa esephindela ezinkonzweni.
uLevel 4 kanye no3 weNational Lockdown awukuvumeli ukuthi kungakhona abantu abahlanganayo.
Oyisikhulu sikahulumeni wesifundazwe, uLennox Mabaso, uthi lombiko awukho emthethweni.
Listen here:
By: Bright Ntuli & Lindelani Mbatha