Izwe Seliphumile ku-Third Wave

Written by on 28 September, 2021

By: Pamella Majola

Isikhungo esicwaninga ngezifo ezithathelanayo, iNICD, sithi iNingizimu Africa isiphumile ku-third wave weCOVID-19.

Ucwaningo olwenziwe kubhekwa ukubhebhetheka kwaleligciwane kanye namandla alo, noluqhutshwe izinsuku ezingu-7, lukhomba ukuthi kuyehla ukusabalala kwalo kuzo zonke izifundazwe.

Kulamahora angu-24 edlule, lelizwe liqophe isibalo esisha sabantu abangu-578 asebesulekeke nge Coronavirus. Iningi lalaba asebengenwe yilesifo base KZN, Gauteng nase Western Cape.

Abanye abangu-85 sebephuthunyiswe esibhedlela ngenxa yokuxineka, kanti iNICD isikuqinisekisile ukuthi abanye abantu abangu-164 sebeshonile kusuka izolo.

Okhulumela umnyango wezempilo KwaZulu-Natal uNtokozo Maphisa, uthi abantu mabaqhubeke nokuzivikela yize izibalo zehla.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

Khonamanjalo, usolwazi kwezempilo eNyuvesi iWits, uFrancois Venter, usexwayise ngokuthi lelizwe lingase liqale ukukhombisa izimpawu zokungena ku-Fourth Wave ngaphambi kokhetho.

Izwe lizoya okhethweni lohulumeni basekhaya ngo November 1, ukukhetha amakhansela amasha nobuholi bemikhandlu.

U-Venter uthi amasonto azokwandulela ukhetho kungenzeka ahambisane nemibuthano eminingi yemikhankaso, engaholela ekutheni leligciwane elilokhu liguquke njalo nje lisabalale ngamandla amakhulu.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background