John Vuli’Gate – Cele
Written by Mfundo on 12 November, 2020
By: Lindelani Mbatha
UNgqongqoshe wamaphoyisa uBheki Cele uthi wonke umuntu otholakala eqhuba imfuyo sekuzomele aphathe amaphepha avezayo ukuthi uyithathephi.
uCele ubekhuluma namalunga omphakathi waseSenekal ngezinhlelo zokuvikela komphakathi.
Imiphakathi eminingi ikakhulukazi abalimi kanye naleyo yasemakhaya isikhale kakhulu kuhulumeni ngokwebiwa kwemfuyo.
uCele uthi abanye abantu basebenzisa imali yabo yokugcina ukuthenga izinkomo kanye nezimbuzi.