Kade i-ANC Yaba Nezinkinga Zemali – Mbalula
Written by Mfundo on 16 September, 2021
By: Sanelisiwe Dlangamandla
Oyinhloko yezokhetho kwi-ANC uFikile Mbalula uthi banethemba lokuthi umphakathi uzokwazi ukuzikhethela wona abantu okholelwa kubo okhethweni lohulumeni basekhaya.
Ekhulume esithangamini sezindaba eGoli usenxuse amalungu eANC ukuthi angabi nodlame, futhi zingabikhona nezigameko zokubulalana kwamakhansela njengoba kuyiwa kulolukhetho ngoNovember.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngokhetho lohulumeni basekhaya olwedlule kwabakhona ukubulala okuningi okuhlobene nezepolitiki, nokwaholela ekuthenini owayengu Ndunankulu wesifundazwe uWillies Mchunu asungule ikhomishana ephenya ngalezigameko, iMoerane Commission.
U-Mbalula ke uthi izigameko zokubulala ezibonakala masekuyiwa okhethweni zikhomba itwetwe nje nokuba ngamagwala kosopolitiki abangawathembi amagalelo emisebenzi yabo emphakathini.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.
Ohlangothini lwezinkinga ezibhekene naleliqembu okubalwa kuzona ukungaholi kwabasebenzi, uMbalula uthi lenhlangano kade yaqala ukubhekana nenselelo yemali.
Ngolwesithathu, abanye abasebenzi beANC okubalwa kubo nabasebenza ehholvisi likanobhala jikelele, baphikelele enkantolo behambisana nobeyilungu lalenhlangano osexoshiwe uCarl Niehaus, beyovulela ubuholi benhlangano amacala okuxhashazwa njengabasebenzi.
U-Mbalula uthi ezinhlelweni eziningi abazenzayo basuke bexhaswe abantu abathile.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.
I-ANC iphinde yaveza ukuthi izokwethula uhlu lwezithembiso eTshwane, ngomhlaka 27 September.