Kermit Erasmus ufisa ukugugela kwi-Orlando Pirates.

Written by on 5 May, 2023

BY: Simtho Dladla

U-Kermit Erasmus uthi asemakhulu amathuba okuthi athathe umhlala phansi emva kokudlalela ku-Orlando Pirates. Erasmus uchithe iminyaka imibili ku-Mamelodi Sundowns nashiye khona engasahoshelani umoya nomqeqeshi waleliqembu uRhulani Mokwena.

Uzokhumbula ukuthi bekunamahebezi amkhomba ku-Cape Towns City FC kanti izimbangi zaseSoweto i-Kaizer Chiefs kanye neOrlando Pirates bezimgaqele. Akuthathanga nasikhathi esingakanani ngaphambi kokuthu abuyele eMayfair okwesibili kwazise uke wadlala kuleliqembu ngo2013.

Ukwazile ukusiza amaBhakaniya ukunqoba iNedbank Cup ngonyaka ka-2013 waphinda waba ingxenye yeqembu elakwazi ukufinelela kumdlalo wamanqamu e-CAF Champions League kanye ne-Confederations Cup ngo-2013 nangonyaka ka-2015. U-Mario uzophinda abe khona uma Ezimnyama sezibhekene neKaizer Chiefs ngo-Mgqibelo mhlaka 6 kuMay uma sebedlali ku-semi-final yeNedbank Cup eFNB Stadium.

Erasmus uthi uzimisele ukuthi abeke amakhokho ethala esadlala kwezikaMagebhula njengoba inhloso yakhe enkulu ukuthi asize abadlali abancane kuleliqembu.

image: BackpagePix

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background