Konke Kumi Ngomumo Ngokugcotshwa KweSilo

Written by on 4 April, 2022

By: Bongani Gina

Indlunkulu kaZulu ithi iyaqhubeka namalungiselelo okugcotshwa kweSilo uMisuzulu ngokusemthethweni, ngokohlelo lukahulumeni.

Lokhu kuza emuva kokuba umengameli wezwe uCyril Ramaphosa aqinisekisa ukuthi iSilo yisona okufanele sithathe izinduku zeSilo esikhotheme uZwelithini kaBhekuzulu ngokusemthethweni.

Okhulumela indlunkulu uMntwana uThulani Zulu uthi ikomidi eliqokelwe ukulungiselela ukugcotshwa kweSilo seliphakathi nawo umsebenzi manje.

UMntwana uqhuba ngokuthi ababagqizi qakala labo abazama ukuphazamisa ukugcotshwa kweSilo ngokuya ezinkantolo, bona nje bayaqhubeka namalungiselelo.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background