Konke kumi Ngomumo Ngokuvulwa Kwezikole

Written by on 1 February, 2021

By: Lindelani Mbatha

Umnyango wezemfundo oyisekelo kulesisifundazwe uthi uyakujabulela ukuthi akubanga nazinkinga njengoba othisha bebebuyela esikoleni.

Ngenyanga eyedlule umnyango wezemfundo emazingeni aphansi wamemezele ukuthi othisha bazovula kulenyanga kulandela ukubambezeleka kokuvalwa kwezikole.

Abafundi bona kulindeleke ukuthi bavule ngomhlaka 15 kulenyanga, kanti imiphumela kamatikuletsheni yona kulindeleke ukuthi iphume ngomhlaka 22.

Oyisikhulu somnyango wezemfundo kulesisifundazwe uMuzi Mahlambi uthi banelisekile ngendlela isimo esihambe ngayo.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

Unobhala weSADTU kulesisifundazwe uNomarashiya Caluza uthi noma othisha bevule kahle kodwa kuyajabhisa ukuthi kusenezikole ezingenazo izimfonyo ezanele.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

Khonamanjalo uNobhalala jikelele weNATU uCynthia Barnes uthi kwezinye izikole amanzi awekho kanjalo nezindlu zangasese.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background