Kubalulekile Ukuzazi Isimo Sakho Sempilo- Ongoti Bezempilo

Written by on 15 May, 2023

By: Bright Ntuli

Ongoti bezempilo sebexwayise ngobungozi bokungasihloli isimo sakho sempilo njengoba bethi lokhu kungaholela ekutheni ubulawe yizifo ebezingagwemeka.

Usolwazi uNqoba Tzabedze uthi esinye sezifo eziwumbulalazwe yi-Hypertension neyaziwa nge high blood pressure.

Lesifo sibulala okungenani abantu abalinganiselwa ku 10 million minyaka yonke emhlabeni jikelele, kanti lapha eNingizimu Africa sidlula nemiphefumulo yabangaphezu kuka 47 000 njalo ngonyaka.

UTzabedze uthi ukuhlola isimo sempilo, ukuzivocavoca kanjalo nokudla ukudla okunempilo kungezinye zezinto ezingasiza ekutheni ugweme ukuphathwa yizifo ezifana nalesi.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background