Kubhekelwa Abafundi Ababuye e-Russia nase Ukraine Izikhala Emanyuvesi

Written by on 14 March, 2022

By: Sthulile Mdletshe

Oyisikhulu esiphezulu kuhlaka oluhola amanyuvesi i-Universities South Africa, uAhmed Bawa, uthi izikhungo zemfundo ephakeme kumele zivulele abafundi abaphuma eUkraine nase Russia izikhala zokufunda.

U-Bawa uthi lokhu kumele kufakwe ngaphansi kwezicelo eziphuthumayo emanyuvesi amaningi akuleli ukuthi amukele bonke bafundi abasanda kubuya kulamazwe womabili.

Njengamanje babalelwa ku-50 abafundi asebebuyile kuleli kanti abanye kulindeleke ukuthi bafike ngesonto elizayo.

I-Russia neUkraine ibhekene nombango, emvakokuba iRussia isole iUkraine ukuthi ifuna ukungena kwinhlangano yezokuvikela yamazwe afaka izitha zayo iMelika kanye ne-UK, iNATO.

Lombango ubusuholela ekutheni izifundo zabo ziphazamiseke njengoba inqwaba yabantu abakulamazwe isivele ibalekele emazweni angomakhelwane.

U-Bawa uthi ngaphansi kwezimo ezingajwayelekile kuzomele labafundi banikwe ithuba lokuqhubeka nezifund zabo kumanyuvesi akuleli.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background