Kuboshwe Uyise Obulale Wafihla Isidumbu Sengane Yakhe
Written by Mfundo on 19 May, 2021
By: Bright Ntuli
Owesilisa osolwa ngokubulala ingane eneminyaka emibili ubudala usekhalelwe ngamasongo kasigonyela.
Lowesilisa kukholakala ukuthi unguyise walengane ngqo, kanti isidumbu sayo satholwa sesiqala ukonakala, sifihlwe phezulu ku-ceiling emzini wakhe eAlabama, eNorth West.
Oyiskhulumi samaphoyisa, uAmanda Funani, uthi lomsolwa usebekwe namacala amabili ngaphezu kwelokubulala.
U Funani uthi usethweswe necala lokuthumba, kanye nelokususa ingane ngaphansi kweso lika mama wayo ngaphandle kwemvume.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.