Kubukeka Abaqashi Beyiwina Eyokugoma Okuyimpoqo

Written by on 18 March, 2022

By: Staff Writer

I-Business Unity SA (BUSA)  isihoxise isicelo sayo ebesihlelelwe ukuyolalelwa enkantolo yoMthethosisekelo sokuthi ikhiphe umyalelo mayelana nesiphakamiso sokuthi abasebenzi bagonyelwe iCOVID-19 ngenkani, ngokomyalelo womqashi.

Izinkampani eziningi zithi lokhu kuyasiza ekuqinisekisiseni ukuthi abasebenzi baphephile bonke ezinkampanini.

Ungqongqoshe wezemisebenzi uThulas Nxesi, useshicilele imithetho emisha yokulawula ukubhebhetheka kwe-Covid-19 ezindaweni zokusebenzela, nezoqala ukusebenza uma sekuqedwe isimo sezinhlekelele kuzwelonke.

Lokhu kuhlanganisa nokuqinisekisa amalungelo abaqashi okwethula imithetho mayelana nokugonywa kwabasebenzi kanye nokuqinisa izizathu lapho abasebenzi bengahambisani nokuthola umjovo we-Covid.

Kuzokhumbuleka ukuthi kunezinkampani kanye nezikhungo ebese zivele ziqalile ukuthathela abasebenzi abangaligomele leligciwane izinyathelo, nokwasusa umsindo omkhulu abantu bekhala ngokuphoqwa ukuthi bagome ngisho bengahambisani nakho.

Isikhulu se-BUSA, uCas Coovadia, sithi imithetho esihlelwe uhulumeni yezempilo emphakathini nasemsebenzini yanele ukuze kufezwe igunya lomqashi lokuqinisekisa ukuthi abasebenzi bagonyiwe futhi kuphephile ezindazweni zokusebenzela.


Continue reading

Gagasi FM

What You Want to Hear



Background