Kudingidwa Elomfelokazi Odingisiwe Ngoba Engamuzilelanga Umyeni
Written by Mfundo on 9 March, 2021
By: Nompendulo Ngubane
Ikomidi elibhekela amalungelo abantu besifazane, izingane, kanye nabakhubazekile esishayamthetho sakwaZulu-Natal, lithi kumele kuqedwe nya ukuhlukunyezwa kwabantu besifazane.
Lelikomidi lisho kanjena njengoba selinikele endaweni yaseMahlutshini eNtabankulu, maphakathi nesifundazwe, ukuyokweseka owesifazane osevulelwe icala enkantolo yenkosi, ngoba engamzilelanga umyeni wakhe.
Induna yalendawo kubikwa ukuthi isiyalele lowesifazane ukuthi kumele adingiswe endaweni, njengoba yona kanye nomphakathi bemusola ngokuthi lesenzo sakhe yiso nesiholele ekutheni isimo sezulu singabi sihle endaweni, izulu lidume libulale nombila.
Ilungu lesishayamthetho eliphinde libe nguSihlalo wekomiti elivikekela abasifazane, uPhumzile Mbatha-Cele, uthi lesi isivumelwano lowesifazane asenza nomyeni wakhe ngaphambi kokuba adlule emhlabeni.
Oyisisulu salesisigameko uFikile Mlaba uthi uyikholwa kodwa uyahlukunyezwa.
USihlalo wabaholi bendabuko kulesisifundazwe, uPhathisizwe Chiliza, uthi ukuhlukumeza owesifazane ngaloluhlo kuyichilo elimbi ngoba ukuzila nokungazili kuphakathi komndeni hhayi isizwe.