Kugixabezwe Osomabhizinisi Abasafufusa Ngoxhaso Lwemali
Written by Mfundo on 28 October, 2021
By: Sanelisiwe Dlangamandla
UNdunankulu wakwaZulu-Natal uSihle Zikalala uthi njengohulumeni bayaziqhenya ngebanga asebelihambile ukuthuthukisa osomabhizinisi bakulesifundazwe.
U-Zikalala usho kanje njengoba ebehambele eMbazwana, enyakatho yesifundazwe, nalapho enikelele khona osomabhizinisi abasafufusa ngezinsiza kusebenza.
Lezinsiza zidle u R300 000 kanti ziza ngaphansi kohlelo kukahulumeni iOperation Vula Fund.
Kuzokhumbuleka ukuthi amabhizinisi amaningi abhekane nobunzima ngenxa yobhubhane iCovid-19 kanye nezidubedube zango July.
Kanti uZikalala uthi njengohulumeni bayazama ukusiza lapho bengakwazi khona.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.
Khonamanjalo, ungqongqoshe wezokuthuthukiswa komnotho eKZN uRavi Pillay uthi kubanikeza intokozo njengohulumeni wesifundazwe ukubona kubuya ithemba kosomabhizinisi abasafufuza.
U-Pillay uthi izinkinga eziningi abahlangabezane nazo kulonyaka kwalahlekisa osomabhizinisi abaningi ngethemba.
Ekhuluma kulomcimbi uPillay uthi bakubone kubalulekile ukuthi njengohulumeni baphonse esivivaneni kulungiswe lamabhizinisi.