Kugwetshwe Owesifazane Othandazele Wabulala Izingane

Written by on 20 August, 2021

By: Bright Ntuli

Owesifazane usegwetshwe iminyaka engu-22 kanye nezinyanga eziyisithupha ebhadla ejele kulandela ukulahlwa yicala lokubulala izingane zakhe.

Lowesifazane oneminyaka engu-34 ubudala, wabulala lezingane ebezino 1 no 6 ngokuzimboza ngoplastiki zazephelelwa umoya, ngonyaka owedlule.

Kanti inkantolo yamajaji e-Eastern Cape isizwe ukuthi uBusisiwe Labi, wazitshela lezinganyana ngezihlelo zakhe zokuzisoconga ngaphambi kokuthi agile lomkhuba.

Isithole nokuthi unkabi lo waqale wabakhulekela labafanyana kuqala, ngaphambi kokuthi ababulale.

Nangu ke oyiskhulumi sophiko lwezokushushisa iNPA eEastern Cape uAnelisa Ngcakani, echaza ngokuthi kungani lowesifazane enganikwanga isgwebo sikadilika jele.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background