Kugxekwa Uhlelo Olusha Luka-NSFAS

Written by on 10 July, 2023

By: Zilungile Mkhize

Inhlangano yabafundi i-Socialist Youth Movement isigxeke uhlelo olusha lwe-National Student Financial Aid Scheme, lokukhokhela abafundi imali yoxhaso.

Lenhlangano ithi lesi sinqumo sesidale ezinye futhi izinkinga ngokusebenza kwa-NSFAS, intsha evele ikhala ngawo.

Okhulumela i-Socialist Youth Movement, uNdumniso Ncube, uthi abafundi abaningi kumanje abazi kuqhubekani ngemali yabo yoxhaso, futhi banokukhathazeka nokukhungatheka okukhulu ngekusasa.

UNcube uthi ngaphansi kwaloluhlelo olusha, i-NSFAS isiqashe izinhlangano ezizimele ukuthi zilawule indaba yemali ekhokhelwa abafundi ngezindawo zokuhlala, nathi kumanje seziqalile ukushaya kuzwele kubafundi abavele bedonsa kanzima.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background