Kuhlolwa Abagaqele Isikhundla Sasenkantolo Yomthethosisekelo
Written by Mfundo on 4 October, 2021
By: Lindelani Mbatha
Ogaqele isikhundla sokuba yijaji enkantolo yomthethosisekelo, uAdvocate Alan Dodson, uthi ukhathazekile ngesikhathi esithathwa yilenkantolo ukukhipha izinqumo.
U-Dodson ubephendula umbuzo kalowo oyingxenye yekhomishana eqokele ukuthola amajaji amabili eCon Court, uJulius Malema.
Kunezikhala ezimbili ezivulekile eConCourt, ekumele zigcwaliswe ngokushesha.
U-Malema ukhale kakhulu ngesikhathi esithathwa yilenkantolo ukukhipha isinqumo ecaleni elibhekene nowayengumengameli wezwe uJacob Zuma.
Lenkantolo yacela abameli bakaZuma ukuba bathule izethulo zabo ngokushesha, kodwa kwadlula izinynga ezintathu ingakaphenduli.
Ephendula uDodson ubeke kanje:
Kanti ijaji lasenkantolo ephakeme uFayeeza Kathree-Setiloane, lithi kuningi okusafanele kwenziwe ukuqinisekisa ukuthi amalungelo abantu abathandana ngokobulili obufanayo avikelekile.
U-Kathree-Setiloane uthi umphakathi we LGBTQI usaphila ngokwesaba ezindaweni eziningi, futhi ukhala ngokungavikeleki nokuphucwa amalungelo anikezwe bonke abantu ezweni.
Uthi imiphakathi yonkana kusamele ifundiswe nge LGBTQI, khona izokuqonda ukuthi nabo bangabantu njengabobonke abanye, futhi banamalungelo afana nawabanye.
Khonamanjalo, ungoti wezomthetho uMpumelelo Zikalala uthi konke kusezandleni zikalowo oyinhloko yamajaji eWestern Cape uJohn Hlophe, ukuthi uyakwemukela yini ukuphakanyiswa kwakhe ekubeni yinhloko yamajaji kuleli.
U-Hlophe kumanje ubhekene nokukhulu ukugxekwa ngamaqembu aphikisayo ngezinsolo zokuthi wanxenxa amajaji ukuba athathe isinqumo esizovuna lowo owayengumengameli wezwe uJacob Zuma, ngesikhathi ebhekene namacala enkohlakalo yokuthengwa kwezikhali ngeminyaka yo-2006.
U-Hlophe usephakanyiselwe ekutheni athathe isikhundla sokuba yinhloko yamajaji njengoba isikhathi sikaChief Justice Mogoeng Mogoeng sesifike ekugcineni.
U-Zikalala uthi umthethosisekelo wezwe uthi umsulwa kuzekube utholwa unecala.