Kuhlongoza Izinguquko Emabangeni Aphansi Ezemfundo

Written by on 3 May, 2021

By: Sthulile Mdletshe & Lindelani Mbatha

Umnyango wezemfundo emabangeni ayisisekelo usuveze ukuthi kungenzeka ubuyisele esikoleni bonke abafundi abenza uGrade 1 kuya ku 7, ukuthi bazofunda nsuku zonke.

Lomnyango uthi iCOVID-19 iziphazamise kakhulu izinhlelo zokufunda njengoba lamabanga esadinga ukwesekwa ukuze abantwana bezoqonda kangcono umsebenzi wesikole.

Njengamanje abafundi baya esikoleni ngezinsuku ezikhethekile, kanti kukhona ngisho nabafunda usuku olulodwa noma ezimbili nje vo ngesonto.

Okhulumela lomnyanga, u-Elijah Mhlanga, uthi njengoba kubuyelwa esikoleni nje namuhla, lolu daba lusezithebeni.

Khonamanjalo, umnyango wezemfundo KwaZulu-Natal uthi uzothathela izinyathelo ezinqala bonke othisha abangezukufika ezikoleni asebeshintshelwe kuzo namhlanje.

Lomnyango uthi usushintshele othisha abangu-961 izikole, kulaba abangu-700 abafikanga ezikoleni zabo ezintsha abajutshwa kuzo selokhu kwaqala lonyaka.

Oyisikhulumi salomnyango uMuzi Mahlambi uthi bazoyikhotha imbenge yomile abangezukuza emsebenzini namhlanje, ngoba bengafuni ukuyoqala umsebenzi kwezinye izikole.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background