Kuhloswe Ukuthutukisa Umnotho Wakuleli Ngezolimo

Written by on 15 October, 2021

By: Bright Ntuli

UNgqongqoshe wezamabhizinisi kahulumeni, uPravin Gordhan, uthi imboni yezolimo ingumgogodla wohlelo lukahulumeni lokuvuselela umnotho wezwe.

Uqhuba ngokuthi uhulumeni unenhloso yonke yokusebenzisana nale mboni, njengoba kusobala ukuthi isanamathuba amaningi okuthi ilondoloze lelizwe ngisho naseminyakeni ezayo.

U-Gordhan usho kanjena ekhuluma engqungqutheleni yaminyaka yonke ye-Agri SA.

Uthi kuyakhuthaza kakhulu ukubona ukuthi mangaki amabhizinisi asathuthuka abamba iqhaza ohlelweni lwahulumeni lokutakula umnotho wezwe.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background