Kukhalwa ngokunganakwa kwengqalasizinda eThekwini.

Written by on 7 October, 2022

By: Nompendulo Ngubane

I-Democratic Alliance ithi ukwebiwa, ukunganakwa kanye nokulinyazwa kwengqalasizinda kunomthelela omubi emphakathini ogcina sewushoda ngezinsiza zomphakathi.

Lokhu kuza ngemumva kokuthi oyilungu lesiShayamthetho uMatthew Cuthbert ehambele izindawo EThekwini ukubheka ingqalasizinda athi ayinakiwe futhi iyebiwa.

Ehambisana namakhansela aseThekwini uthi abakubonile ukuthi imiphakathi ithwele kanzima ngenxa yezinsiza ezilinyaziwe noma ezintshontshiwe.

U Cuthbert uthi ukube uMasipala uyaqinisekisa ukuthi ingqalasizinda iyanakwa ngabe imiphakathi ayibhekene nalenkinga.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

Khona manjalo imeya kamasipala Ethekwini, uMxolisi Kaunda usenxuse imiphakathi ukuthi iyeke ukulimaza noma intsontshe ingqalasizinda.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background