Kukhalwa ngokuqhela kwezindawo zokuvuselela amakhadi akwa-SASSA.
Written by Phakeme Mnguni on 12 February, 2025
By: Sthulile Mdletshe
Amalunga ekomidi lezokuthuthukiswa komphakathi ephalamende athi akhathazekile ngezindawo zokuvuselela amakhadi akwa-SASSA eziqhelile nemiphakathi.
Lokhu njengoba isikhungo esibhekelele izibonelelo zahulumeni I-SASSA sigqugquzela abahola izibonelelo zikahulumenni ukuba bayovuselela amakhadi abo anombala osagolide, ungakodluli umhlaka 28 kwephezulu.
Maduze nje kuzovalwa ukusebenza kwalamakhadi ombala oGold, nokusho ukuthi akukho mali umuntu azobe esakwazi ukuyikhipha emva kwalokho uma engenalo ikhadi elisha.
Owe Action SA u-Dereleena James, uthi kumele kusondezwe emphakathini izikhungo zokuvuselela amakhadi, ezifana ne -Postbank okanye izitolo ezisebenzisana nePosi ukunciphisa izindleko zokugibela abantu.