Kulele Emphakathini Ukuqeda Ngobugebengu- Dube Ncube

Written by on 19 July, 2022

By: Lindelani Mbatha

Ungqongqoshe wezezimali kulesisifundazwe uNomusa Dube Ncube usenxuse imiphakathi ukuthi isebenzisane namaphoyisa ngokubika ubugebengu.

UDube Ncube ubekhuluma namalunga omphakathi eLadysmith enyakatho esentshonalanga yesifundazwe.

Ubehambele leyandawo njengenxenye yomkhankaso wokusebenzisa imizuzu engu-67 ukwenza okuhle ukuhlonipha lowo ongumengameli wokuqala wentando yeningi uNelson Mandela.

Kusukela ngenyanga eyedlule ziningi izigameko ezibikiwe kuleli zokudutshulwa kwabantu bezithokozisa endaweni yokucima ukoma.

Kulesisifundazwe nje bangu-4 abantu ababulewe ePietermaritzburg, kwalimala kabi abangu-8.

UDube Ncube uthi izenzo zobugebengu zibuyisela lelizwe emuva.

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.

 

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background