Kulindeleke Izifo Ezintsha Kulandela Izikhukhula

Written by on 26 April, 2022

By: Bright Ntuli

Umnyango wezempilo KwaZulu-Natal uthi umi ngomumo ukulwisana nezifo ezingadaleka ngenxa yezikhukhula ezikhahlameze lesifundazwe kulamasonto amabili edlule.

Nakuba omasipala basebenza kanzima ukulungisa amapayipi amanzi aqhuma ngenxa yezikhukhula kodwa kumanje, abantu abaningi asebephoqeleke ukuthi basebenzise amanzi angahlanziwe asemifuleni.

Ngaphezu kwalokho kunezakhamuzi ezingaphezu kuka 17 400 ezasala dengwane ngemva kokudilikelwa kumbe ukuguguleka kwezindlu zazo.

Kanti kumasipala weTheku nje uwodwa, bangaphezu kuka 7 200 abantu abakhoseliswe okwesikhashana ezakhiweni ezahlukahlukene, nokubalwakuzo amahholo omphakathi, nokuvusa itwetwe ngezenhlanzeko.

Ongumqondisi Jikelele emnyangweni wezempilo kulesifundazwe uSandile Buthelezi uthi bazimisele ukubhekana nezifo eziyaye ziqubuke ngemva kwezikhukhula.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background