Kulindeleke Ukuthi Inani Likagesi Liphinde Linyuke
Written by Mfundo on 24 January, 2022
By: Zilungile Mkhize
Inkampani ephakela lelizwe ngogesi uEskom ithi bekubalulekile ukuthi iqhubeke nesicelo sayo sokuba ivunyelwe ukwenyusa inani edayisa ngalo ugesi.
Iziphathimandla zakwa Eskom zithi akusilo iqiniso ukuthi bafuna ukwenyusa intengo kagesi ngoba bezama ukuqoqa imali elahlekele lenkampani ngonyaka odlule ngenxa ye-loadshedding kodwa ingoba idinga imali eyanele yokuthenga udizili osetshenziswa kuma-generator aphehla ugesi.
U-Eskom ufuna iNational Energy Regulator of SA (NERSA) igunyaze ukuthi ugesi wenyuke ngo 20.5%.
Isikhulu esibhekelele ezezimali kwa Eskom uCalib Cassim sithi ziningi izinto ababheke ukuzilungisa kulenkampani.