Kulindleke Ukuthi I-NEC Ibambe UMhlangano Obalulekile Ngekusasa Lika-Ramaphosa Kwi-ANC
Written by Mduduzi Phungula on 5 December, 2022
By: Lindelani Mbatha
Oyisikhulumi se-African National Congress (ANC) kuzwelonke, uPule Mabe, uthi kulindeleke ukuthi umhlangano walenhlangano uhambe kahle njengoba nomengameli uCyril Ramaphosa esecele ukuthi angabi yinxenye yawo.
UMabe ukhulume kanjena nabezindaba ngaphandle kwalapho okubanjelwe khona umhlangano e-NEC eGoli.
Lomhlangano kulindeleke ukuthi udingide ngodaba lombiko wohlaka lwephalamende obeluphenya ukuthi uRamaphosa kukhona yini okumele akuphendule ngokuntshontshwa kwemali eplazini lakhe iPhala Phala.
Umengameli usolwa ngokungawabikeli amaphoyisa ngalokhu kanye nokusebenzisa abaqaphi bakhe ukuthungatha lezigilamkhuba.
Uhlaka lwephalamende i-Section 89 yathola ukuthi umengameli kuzomele aphendule futhi ekungenzeka ukuthi waphula umthetho ngesenzo sakhe.
UMabe uthi kuvamisile ukuthi uma i-NEC idingida udaba oluthinta umholi thizeni angabi yinxenye yaleyomhlangano.