Kume Nse Ukufunda e-Grosvenor High…
Written by Mfundo on 1 March, 2022
By: Zilungile Mkhize
Ungqongqoshe wezemfundo KwaZulu-Natal uKwazi Mshengu uthi akusilo iqiniso ukuthi umnyango wakhe ugoqe izandla ngezinsolo zokucwaswa kwabafundi esikoleni samantombazane eThekwini, iGrosvenor High.
Abafundi kulesikole bamise nse ukufunda bangenela umbhikisho ngeledlule, besola othisha ngokucwasa nokukhipha inyumbazane abafundi abamnyama.
Bathi lena akusiyo inkinga entsha, njengoba nango 2019 bangenela umbhikisho baduba ukufunda bekhala ngento efanayo. Sebesole umnyango ngokungazilaleli izikhalo zabo njengabafundi.
U-Mshengu osehambele lesikole usekhulume nobuholi babafundi iRCL, iSGB kanye nekomidi lesikole SMT ukuzwa izikhalo nomsuka waloludaba.
Uthi likhona ithimba eseliqokiwe ukuthi lingenelele ekubhekisiseni lezikhalo khona kuzotholakala nezixazululo.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.