Kume Nse Ukufunda Kumuka Izikole

Written by on 17 February, 2021

By: Mthokozisi Manqele

Izikole eziyishumi zaseMkhanyakude enyakatho yeKZN, sekuvele ukuthi zisavaliwe namanje ngenxa yomonakalo odalwe yizikhukhula nemvula ezinamandla.

Iningi labafundi kwezinye zezikole alikwazi ukufinyelela kuzo, ngenxa yokugcwala kwemifula.

Esikoleni saseNdumo iMahlabeni Primary School, amanzi avele aba yidamu ngaphakathi kanti akungeneki nakhona.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo kulesifundazwe, uKwazi Mthethwa uthi sebezwile ngalokhu egcizelela ngokuthi kukhona okwenziwayo ngakho.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background