Kumele Uphele Umkhuba Wokuqashana Ngokwazana KoMaspala- Ramaphosa

Written by on 28 September, 2022

By: Xolani Khumalo

UMengameli wakuleli uCyril Ramaphosa uthi kumele kuqedwe nya ngomkhuba wokuqashana ngokwazana koMaspala.

Uthi lokhu kubalimaza kakhulu oMaspala njengoba lomkhuba ugcina usuholela ekutheni kuqashwe abantu abangenawo amava okwenza umsebenzi odingakalayo.

URamaphosa wethule inkulumo yakhe namuhla engqungquthelene yohulumeni basekhaya, eqale izolo nebanjelwe eBirchwood Conference Centre, eGoli.

UMengameli uthi wethemba ukuthi lengqungquthela izolubhekisisa loludaba ibuye nezisombululo eziphusile.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 

 

 

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background