Kunabasebenzi Asebetholakale Ukuthi Bayazitamuzela Imali Yaka-SASSA
Written by Mfundo on 5 May, 2022
By: Zilungile Mkhize
Isikhungo esibhekelele ukukhokhwa kwezibonelelo zikahulumeni uSASSA, sithi abasebenzi bakahulumeni abahlomula ngokungemthetho ngesibonelelo sabangasebenzi, bahlwitha abantu abahlwempu iqatha emlonyeni.
U-SASSA uthi usuthole ukuthi bakhona abasebenzi bawo abenza lobugebengu.
Babalelwa ngaphezu kuka 3000 abasebenzi bakahulumeni ekutholwe ukuthi bakhwabanisa uhlelo lokubhekelela abakhahlanyezwa yiCOVID-19, iSocial Relief Programme, ukuze bathole lezibonelelo nabo.
Oyisikhulu esiphezulu kwa SASSA uBusisiwe Memela-Khambule, uthi abanye balabasebenzi babhalisele ama-learnership, ngakho bakwazile ukungena bahlomule ezinhlelweni zokufunda uthole neholo, ngaphansi kwe Social Relief Programme.