Kunconywa Izakhamuzi Eziqopha Izehlakalo Zobugebengu

Written by on 31 January, 2022

By: Zilungile Mkhize

Umsunguli we-Action Society, u-Ian Cameron, uthi kubalulekile ukuthi izakhamizi ziqhubeke nokukhombisa ama-video ezigameko zobugebengu, ezinkundleni zokuxhumana.

I-video yakamuva ayisabalalise, ngeyokudunwa kwemoto lapho kudutshulwe kwabulawa umshayeli wayo eGauteng.

Umsolwa oyedwa useboshiwe, kulandela ukubonakala kwakhe kule video.

U-Cameron uthi akekho okufanele abe yingxenye yezibalo zezisulu zobugebengu, ngakho zonke izindaba ngisho noma zibuhlungu kangakanani, kufanele zikhonjiswe umphakathi khona nawo uzosiza lapho ukwazi khona uma usibona isigebengu ku-video noma esithombeni.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background