Kungase Kuhlehle Ukuhlala Kwekomidi Eliphenya uMkhwebane

Written by on 8 May, 2023

By: Lindelani Mbatha

Amalunga ekomidi lephalamende iSection 194 athi kumele kuhlehliswe  ukuhlala kwalelikomidi eliphenya umvikeli womphakathi osamisiwe uBusisiwe Mkhwebane.

Leli komidi libhekene nezinxushunxushu njengoba ihhovisi likamvikeli womphakathi laveza ukuthi alisenayo imali yokukhokhela abameli bakaMkhwebane.

Umvikeli womphakathi osabambile uKholeka Gcaleka waveza ukuthi ihhovisi lakhe seliyisebenzise yonke imali eyokweyokulekelela uMkhwebane.

Kodwa muva nje lelihhovisi liveze ukuthi ikhona imali elingayisebenzisa nebigcinelwe ezinye izinto.

UMkhwebane sekuphoqeleke ukuthi ayofuna umhlahlandlela enkantolo yomthethosisekelo mayelana nokuthi kumele kwenziwenjani ngalokhu, emva kokuba kuvele ukuthi inkantolo ephakeme yathi kumele azikhokhele izindleko zabameli.

Lamalungu athi lenkinga kumele isonjululwe ngokushesha.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background