Kungase Kunyukele Kwabashayeli Bezimoto Zikadizili
Written by Mfundo on 18 May, 2021
By: Sthulile Mdletshe
I-Automobile Association (AA) of South Africa ithi isimo sisazoba nzima kubashayeli abasebenzisa udizili, njengoba kulindeleke ukuthi unyuke.
Udizili ubukeka uzokwenyuka ngo-20 cents ilitha, kanti uphethiloli ungase wehle ngo-1 cent ilitha.
I-AA ithi lezibalo zincike kulokho okukhishwe yi-Central Energy Fund mayelana nentengo kaphethiloli, udizili no pharafini ocwaningweni elwenzile lwamaphakathi nonyaka.
Okhulumela i-AA, uLayton Beard, uthi upharafini nawo kulindeleke ukuthi ukhuphuke ngo 25 cents.
Uthi yize irandi likhombisa ukusimama okuhle uma liqhathaniswa nedola laseMelika, bezikhona izikhathi lapho belibuye lilahlekelwe khona ngamandla.