Kungase Kuqine Imithetho Ngesikhathi Sephasika

Written by on 25 March, 2021

By: Bright Ntuli

UNgqongqoshe wezempilo, u Zweli Mkhize, uthi umkhandlu obhekele ezithinta iCoronavirus usadingida ngamathuba okuthi kuqiniswe imithetho yokuvalwa kwezwe njengoba kuza iphasika nje.

UMkhize usho kanjena njengoba ongoti bezifo ezithathelanayo kanye nabacwaningi sebeke baxwayise ngokuthi lelizwe lisengcupheni yokuthi iCOVID-19 iphinde ibhebhetheke ihlandla lesthathu kuleli.

Kanti isikhathi sephasika iskhathi lapho imindeni, abangani kanye nabamabandla ezenkolo bebuthana khona, nosekwenyuse itwetwe ngokubhebhetheka kwalesifo.

UMkhize uthi uma abantu bengaziphathi kahle, nakanjani ngeke kugwemeke ukusabalala ngamandla kwalesifo futhi.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

Khonamanjalo, uMeluleki wakulelikomidi, uSalim Abdool Karim,  usethathe isinqumo sokungayivuseleli inkontileka yakhe yokusebenza kulelikomidi.

UKarim usekhiphe istatimende esiveza ukuthi inkontileka yakhe ephele izolo, ngoLwesithathu, ngeke ayivuselele kunalokho uzoqhubeka nocwaningo nge-HIV.

UKarim unguSosayensi onamagalelo emhlabei wonke, ohola isikhungo sezinhlelo zesandulela ngculaza (Centre for the Aids Programme of Research in SA) eNyuvesi yakwaZulu-Nata; (UKZN).

 

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background