Kungenzeka Yenyuke Inzalo Yemali Ebolekisayo – Usomnotho

Written by on 27 January, 2022

By: Zilungile Mkhize

Usomnotho uDawie Roodt uthi abantu sebengaqala ukuzilungiselela ukuthi imali abayikhokha ngezikweletu zemizi kanye nezimoto emabhange kungenzeka ziqale ukwenyuka.

Usho kanjena nje, iSouth African Reserve Bank (SARB) namhlanje izokwethula imiphumela yomhlangano wekomidi elibhekelele imigomo yezemali iMPC mayelana nenzalo yemali ebolekisayo.

Lelibhange kulindeleke lidalule ukuthi izokwehla noma izokwenyuka yini lemali.

U-Roodt uthi uma iSARB yenza njengoba beqagula nje, kusho ukuthi abathengi kuzomele baqale ukuzilungiselela, ngoba impilo izothi ukuba nzima kunalokhu okuyikho manje.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background