Kuningi Osekwenziwe I-ANC – Ramaphosa

Written by on 17 December, 2022

By: Lindelani  Mbatha

Umengameli we-African Natioanl Congress (ANC) osephumile esikhundleni, uCyril Ramaphosa, uthi kuningi osekwenziwe yilenhlangano ukubhekana nezinkinga ezikhungethe imiphakathi.

URamaphosa ukhulume kanjena ngesikhathi ethula umbiko walenhlangano, eNasrec, eGoli.

Kuthe esakhuluma kwangena lowo owayengumengameli uJacob Zuma nokudingeke ukuthi ame ukukhuluma njengoba amanye amalunga alenhlangano ecule amaculo amesekeyo.

URamaphosa uthi noma kusekhona izindawo ezingenawo amanzi kodwa umbiko wabakwa-Stas SA uveza ukuthi senyukile isibalo sabantu abathola amanzi kanye nogesi.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background