Kunukeka Ungqongqoshe Ekudungeni Umndeni Wase-Ndlunkulu
Written by Mfundo on 9 December, 2021
By: Zilungile Mkhize
Isekela likangqongqoshe wezokubusa ngokubambisana nezindaba zomdabu, uObed Bapela, uyaziphika izinsolo zokubamba imihlangano ngasese nengxenye yamalunga asebukhosini bakwaZulu.
Imibiko esisabalele kwabezindaba ithi lemihlangano bekungeyokuvimba ukugcotshwa kweSilo uMisuzulu kaZwelithini, ukuba abe Inkosi yamaZulu ngokuphelele.
U-Bapela uthi akusilo iqiniso ukuthi kunemihlangano ebanjelwa ngasese eqoqa abantu abathize futhi akusiyo into engenziwa uhulumeni.
Uthi imihlangano esuke ibanjiwe ngeyokuthola izixazululo ezinkingeni ezikhona kulobukhosi, futhi isuke imenyezelwe isemthethweni.
Usho kanjena sekuhlehliselwe unyaka ozayo ukulalelwa kwezicelo ezifakwe enkantolo ngamalungu alomndeni, nezithinta sona isihlalo sobukhosi nencwadi yamafa eyashiywa iSilo esesakhothama.