Kunxenxwa Abazali Ukuthi Bakhokhe I-School Fees

Written by on 13 January, 2022

By: Zilungile Mkhize

Umkhandlu wamakodi abhekelele ukusebenza kwezikole iFEDSAS, uthi uma abazali beyeka ukukhokha imali yokufunda kwabantwana ezikoleni, kubeka lezo zikole engcupheni.

Ukuphawula kwe FEDSAS kulandela umbiko osanda kuvela oveza ukuthi iningi labazali lithwele kanzima njengoba imisebenzi namabhizinisi amaningi kuphazamisekile ngenxa yezinkinga zomnotho.

Ithi lokhu sekufake ingcindezi ekutheni abazali bamelane nokukhokha imali yezikole, nosekuholele ukutheni u-66% wezikole zikahulumeni kanye no 65% walezo ezizimele zehlise izabelomali zazo selokhu kwabheduka iCovid-19.

Isikhulu esiphezulu kwa-FEDSAS, uJaco Deacon, sithi izikole zikahulumeni zithembele kakhulu emalini ekhokhwa ngabazali, ngisho noma ingakanani.

Uqhuba ngokuthi ngaphandle kwalemali izikole ziphoqeleka ukuthi zidilize abasebenzi zehlise namaholo kulabo abaholelwa kulemali.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background