Kunxenxwa Isizwe Ukuba Sizwelane neNdlunkulu

Written by on 30 April, 2021

By: Zilungile Mkhize & Bongani Gina

UNdunankulu wakwaZulu-Natal uSihle Zikalala usezwakalise ukudabuka kwakhe ngokudlula emhlabeni kwebamba bukhosi, iNdlovukazi uMantfombi Dlamini Zulu.

UMadlamini udlule emhlabeni ngesikhathi lapho isizwe sonke sakwaZulu sisazilele ukukhothama kweSilo.

uZikalala usenxuse isizwe sonke ukuba sizwelane nomndeni wasebukhosini, edlulisa namazwi enduduzo emndenini kaZulu nobukhosi base Swatini.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

Khonamanjalo, uNdunankulu weSizwe samaZulu, Inkosi uMangosuthu Buthelezi, uthi isizwe sisazokwaziswa ngendlela nangesikhathi sokuzila.

Ekhuluma nezindaba zeGagasi FM, uShenge uthi iNdlunkulu isazohlanganisa amakhanda bese ebuya ezobikela isizwe ngokuzokwenzeka.

Umntwana wakwaPhindangene uqhuba ngokuthi isizwe sakwaZulu akumele silahle ithemba njengoba sekudlule emhlabeni iNdlovukazi ebiyibamba bukhosi.

Uthi nakanjani iNdlunkulu izoqhamuka negama lomuntu ozohola aboHlanga.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background