Kunxuswa Abakhulelwe Ukuthi Bayogoma
Written by Mfundo on 1 September, 2021
By: Zilungile Mkhize
UMnyango wezempilo kuzwelonke usuphonse inselelo omama abakhulelwe ukuthi basondele ezikhungweni zokugoma, bayothola umjovo we COVID-19.
Uthi awufuna basale ngaphandle njengoba sekwaqinisekiswa ukuthi uphephile nakubo.
Ikomidi eliluleka oNgqongqoshe ngezithinta iCOVID-19 lithi abantu abakhulelwe kanye nalabo abasanda kubeletha basengozini yokusuleleka kalula yileligciwane.
Kukhuluke ukungabaza okukhona mayelana nemigomo.
Khonamanjalo, usolwazi kwezemigomo udokotela uErnest Darkoh, uthi kubalulekile ukuthi uma umuntu enokungabaza ngokugoma azinike ithuba lokubheka izibalo mayelana nento ayesabayo ukuthola impendulo ayifunayo.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.