Kunxuswa Abesifazane Ukuthi Bahlukane Nezipoti
Written by Mduduzi Phungula on 7 December, 2022
By: Dawud Phungula
Amaphoyisa esifundazweni saKwaZulu-Natal asenxuse abesifazane ukuba bagweme ukuyophuza ezindaweni zokucima ukoma ukuze bahlale bephephile.
Amaphoyisa asho kanje njengoba uqhubeka umkhankaso we-16 days of activism against women and children.
Ekhuluma nezindaba zeGagasi FM ukapteni wamaphoyisa eNanda, uGabisile Simelane, Uthi inqwaba yamacala avulwayo okuhlukunyezwa kwabesifazane asuke ebandakanya uphuzo oludakayo.
USimelane uthi abantu besifazane kumele baphuzele emakhaya, hhayi ezipotini.
[VIDEO]