Kunxuswa izakhamuzi zase Copesville ukuthi ziyeke ukuzixhumela ugesi.

Written by on 12 February, 2025

By: Nompendulo Ngubane

Oyikhansela laku ward 29 eCopesville eMaritzburg uSpha Madlala usenxuse umphakathi wakule ndawo ukuthi ungazixhumeli ugesi ngaphandle kwemvume kamaspala.

UMadlala uthi ukuntshontshwa kukagesi yikho okulimaza  ingqalasizinda efana nama transformer.

Usho kanje kulandela ukuthi umphakathi wase Swapo khona eCopesville, uke wahlala isikhathi eside ungenawo ugesi ngenxa yama transformers amabili abelimele.

Uqhuba ngokuthi njengobuholi bandawo baye baqinisekise ukuthi bayakhuluma nabahlali mayelana nobungozi bokweba ugesi nathi kugcina sekuba nomthelela omubi kwi ward yonke.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background