Kunxuswa oNdlunkulu Ukuba Basukumele Izingqinamba Zabesifazane Nezingane

Written by on 24 March, 2022

By: Bright Ntuli

Ungqongqoshe wezokuthuthukiswa komphakathi KwaZulu-Natal uNonhlanhla Khoza uthi umnyango wakhe uhlose ukuthuthukisa abesifazane kuzona zonke izingxenye zesifundazwe.

U-Khoza usho kanje ngenkathi enomhlangano noNdlunkulu abangaphansi kobukhosi obahlukene kulesifundazwe, ukudingida nentuthuko kanye neqhaza abangalibamba ukuthuthukisa izizwe abaziholayo.

Usegqugquzele oNdlunkulu ukuthi badlale indima ukuqinisekisa ukuthi imbokodo ezizweni zabo, iwabamba ngazo zombili amathuba aqhamuka nohulumeni ukushintsha impilo yayo.

U-Khoza echaza ngezinye zezinto asebevumelene ngazo:

powered by Advanced iFrame free. Get the Pro version on CodeCanyon.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background