Kunxuswa ukugomela I-Rubella Virus ezinganeni.
Written by Phakeme Mnguni on 24 December, 2024
By: Thabile Ntuli
Oyinhloko yomnyango wezempilo kulesifundazwe saKwaZulu-Natal, udokotela Sandile Shabalala usenxuse omama abakhulelwe nabasanda kuteta ukuthi baqinisekise ukuthi izingane zabo ziyithola yonke imigomo efanele.
Usho lokhu njengoba esexwayise nangesifo sokuqubuka komzimba esibangwa yigciwane iRubella virus.
Uthi nakuba lesifo esithathelanayo, singeyona ingozi kakhulu kodwa siyagwemeka ngemigomo.
UShabalala uthi kumanje ziningi nezinye izifo ezibonakala zishaya ibuya nezingagwemeka ngokuthi abantwana bagome kahle.