Kuphakanyiswa ukufundisa ngamakhadi amasha ezibonelelo zika-hulumeni.
Written by Phakeme Mnguni on 18 February, 2025
By: Sthulile Mdletshe
Ikomidi elibhekelele ezokuThuthukiswa koMphakathi ephalamende selinxuse iskhungo sezibonelelo zikahulumeni u-SASSA ukuthi sandise imkhankaso efundisa abantu ngamakhadi amasha amnyama asebhange lasePostbank kanye nonqamlajuqu walawa amadala a gold.
Lokhu kuza njengoba lesikhungo sesihlehlisele kumhlaka 20 March umnqamlajuqu wokushintshwa kwama card anombala osagolide, ashintshelwe kwamnyama ase-Postbank.
Okusho ukuthi ke kuzovalwa ukusebenza kwalamakhadi onombala osagolide, ngemva kwalomnqamlajuqu.
Oyiskhulu sakwa Sassa uPaseka Letstati uthi benza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi abantu bayaluthola usizo ezikhungweni ezikhethekile zokushintsha amakhadi.
Lalela izindaba eziphelele;