Kuphakanyiswa Ukugoma Okuyimpoqo Emanyuvesi
Written by Mfundo on 17 January, 2022
By: Sthulile Mdletshe
Isikhungo sezempilo eManyuvesi I-Higher Health sithi kumele bonke abafundi bemfundo ephakeme bagonyelwe iCovid-19.
Isikhulu esiphezulu uRamneek Ahluwalia sithi banezinhlelo esebezisungulile ukufundisa abafundi ngohlobo lwemigomo kanye nalapho abangasizakala khona.
U-Ahluwalia uthi izibalo zabantu abagomile kuleli zizonyuka ngokuthi abantu bathole ukufundiswa ngayo lemigomo, ikakhulukazi njengoba kusakhona labo abasangabaza.
Uthu loluhlelo luzoqhubeka kuwonke amanyuvesi , amakolishi e-TVET, kanye namakolishi emisebenzi yezandla.
powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.