Kuphakanyiswa ukwelulwa komnqamulajuqu wamakhadi akwa-SASSA. 

Written by on 13 February, 2025

By: Sthulile Mdletshe

Ikomidi elibhekele ezokuthuthukiswa komphakathi ephalamende lithi uhulumeni angase aphoqeleke ukuthi anezele isikhathi sokuvuselelwa kwekhadi lokuhola izibonelelo eposini i-Sassa Gold card.

Leli  khadi elikwazi ukukhipha imali kuma-ATM amabhange ahlukene nasezitolo, lizophelelwa isikhathi ekupheleni kwalenyanga.

Lokhu ke kusho ukuthi uma unalelikhadi elinombala osagolide angeke usakwazi ukuthola lemali yesibonelelo uma sekudlule leskhathi.

Amalunga ephalamende athi izindawo ezihlelelwe ukushintsha lamakhadi, zigcwele ngokweqile kanti azinabo abasebenzi abanele nabanolwazi.

Athi ke lokhu kuzokwenza ukuthi kushaye usuku lomnqamlajuqu inqwaba yabantu isanama khadi amadala.

Oyilunga lekomidi ephalende u-Dereleena  James uthi uhulumeni kusazomele ayibhekisise eyalonqamlajuqu ngoba  inqwaba yezibonelelo isengcupheni.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background