Kuphakanyiswa uNongoma Kweyokugcotshwa KweSilo
Written by Mfundo on 11 April, 2022
By; Lindelani Mbatha
ISilo samabandla wonke uMisuzulu kaZwelithi sithi kuwumqondo omuhle ukuthi umcimbi wokugcotshwa ngokusemthethweni ubanjelwe kwaNongoma.
UNgangezwelakhe ubekhuluma nesizwe samaZulu ngezinhlelo zokugcotshwa kwakhe, iCoronation.
Besekunokuqagula ukuthi lomcimbi ongowokuqala nqa emvakweminyaka engaphezu kuka-40 kungenzeka ubanjelwe eThekwini.
ISilo sithi awavele amahlazo uma kunokwesatshwa ngezindawo zasemakhaya.
ISilo siphawula ngokudlula emhlabeni kukaMntwana uThembi Zulu-Ndlovu, sithi sibuhlungu ngokudlula kwakhe.
UMtnwana uThembiu udlule emhlabeni izolo emvakokuxhinwa wukugula.
Ungabanye babantu abangahambisani nokuqokwa kwesilo esisha uMisuzulu KaZwelithini ekubeni abe ngumholi wamazulu.
Khonamanjalo, ngesonto eledlule wenze obekungalindelekile njengoba ebonakale ekhombisa ubunye ngenkathi ehambele umembeso weNdlovukazi eNewcastle.
Isilo sithi noma bekukhona ukungaboni ngasolinye kodwa ubesenguye ubabekazi wakhe.